FacebookTwitterYouTubeDailymotionScribdCalameo
SlideshareIssuuPinterestGoogle plusInstagramTelegram
Chat About Islam Now
Choose your country & click on the link of your language.
Find nearby Islamic centers & GPS location on the map.

Our Islamic Library contains:
Islamic TVs channels LIVE
Islamic Radios LIVE
Multimedia ( Videos )
Multimedia ( Audios )
Listen to Quran
Interactive files & QR codes
Misconceptions
Islam Q & A
Morality in Islam
Articles
The Noble Qur'an
Understanding Islam
Comparative Religions
Islamic topics
Women in Islam
Prophet Muhammad (PBUH)
Qur'an and Modern Science
Children
Answering Atheism
Islamic CDs
Islamic DVDs
Presentations and flashes
Friend sites

Articles' sections



Author:


Go on with your language:
qrcode

Kungabe babethandaza kanjani labaprofethi uAbraham, uMose, uJesu kanye no Muhammad (ukuthula kube kubo)?

Viewed:
1103

Kungabe babethandaza kanjani labaprofethi uAbraham, uMose, uJesu kanye no Muhammad (ukuthula kube kubo)?

Kwake kwenzeka ngelinye ilanga uShaikh Ahmad Deedat,isifundiswa esikhulu enkolweni yobu Islam evakashele edolobheni lase Jeddah e Saudi Arabia wabe esexoxa ngesinye sezihlakalo ezake zamehlela empilweni yakhe.

Wathi kwake kwenzeka wathatha iqembu lamaKrestu nama Juda elivakashisa emosque eThekwini eNingizimu Afrika.Kwathi uma sebengena emosque uDeedat akagcinanga nje ngokukhumula izicathulo kodwa wacela nalo iqembu leli ukuba lenze okufanayo babe ke bonke sebeyazikhumula izicathulo zabo.

UShaikh Deedat wabe eseyalibuza leliqembu isizathu sokukhumula izicathulo. Baphendula bonke bathi,'Cha'.Wabe eseyachaza uShaikh Deedat wathi,ngesikhathi uMose esentabeni i Sinai, uNkulunkulu wakhuluma naye:

Wathi uNkulunkulu,'Ungasondeli!Khumula izimbadada zakho ngokuba lendawo omi kuyo ingcwele'. (Exodus 3:5)

Ngesikhathi iqembu lihleli libukela,uShaikh Deedat wacela uxolo ukuze ageze.Emva kokugeza wabuyela eqenjini walichazela isizathu sokugeza.Akukhona nje lokhu ukuzihlanza ngezinga eliphezulu njengoba kwenziwa izikhathi ezinhlanu ngelanga,kepha kukhona emlandweni.Wabe esecaphuna:

UMose,uAroni namadodana akhe basebenzisa lamanzi ukugeza izandla nezinyawo zabo,Babegeza njalo uma beya etendeni lokuhlanganela noma besondela kwi althare. UMose wayelandela imiyalelo yeNkosi. (Exodus 40:31-32)

Emva ko komthandazo oyimpoqo uShaikh Deedat waphinda waya eqenjini elabe limatasa libukela amaMuslim abe enza eminye imthandazo engesiyo impoqo.Wachaza izigaba ezihlukene zomthandazo,isigaba esabe sidonsa amehlo ukwaba kungukuthinta phansi ngobuso. Wathi uShaikh Deedat ekhuluma mayelana nokuthinta phansi ngebunzi, yiyona ndlela le bonke abaprofethi ababethandaza ngayo wabe esecaphuna futhi:


Ngokushesha, UAbraham wayesewa ngobuso bakhe ethinta emhlabathini,futhi wabe uNkulunkulu esekhuluma naye. (Genesis 17:3)

Ngokushesha, uAbraham wayesewa ngobuso bakhe.....(Genesis 17:17)

OMose no Aroni basuka ebusweni bebandla baya ngasemnyango wetende lokuhlangana,bawa ngobuso babo bathinta umhlabathi ubumsulwa beNkosi babe sebuyavela kubona. (Numeri 20:6)

UJoshuwa wayesewa ngobuso emhlabathini wakhuleka.....(Joshuwa 5:14)

'Yena (uJesu) waqhubeka ingcosana,wawa ngobuso bakhe wakhuleka wathi:Baba uma kungenzeka akudlule kimi lesisitsha,nokho kungabi njengokuba ngithanda mina kodwa njengokuba uthanda wena.' (Matewu 26:39)

UDeedat watshena leliqembu liyazi kahle indlela yokukhonza yamaKrestu kanye neyamaJuda kanti manje selibonile nendlela amaMuslim akhonza ngayo.

Ngenhlonipho uDeedat wabuza leliqembu ukuthi yiziphi izindlela zokukhonza ezisondele kakhulu kubu Krestu?Iqembu lamaJuda nama Krestu lavumelana ngo elethu ukuthi ngempela indlela ama Muslim akhonza ngayo isondele kakhulu kubuKrestu kunezinye.


Iningi lamaKrestu angena enkolweni yobu Islam namuhla ayafakaza ukuthi manje azizwa engamaKrestu angempela ngokwenza lokhu.Igama elithi umKrestu lisho lowo olandela uKrestu.

Manje kwenzeka kanjani ukuthi abanye abantu bathi amaMuslim ayakuphoqelela ukuthi angabalandeli baJesu?

Ake sisebenzise umqondo ukuhlaziya okushiwo iBhayibheli ngo Jesu.
Isibonelo,uma sifunda emavangelini sizothola izindawo ezahlukene lapho uJesu ayethandaza ebeke ubuso bakhe phansi khona,ebingelela amanye amakholwa ngesibingelelo sokuthula nokuzila isikhathi eside.

Empeleni iningi lamaKrestu liyakwamukela ukuthi ayengamaMuslim ngenxa yendlela ayekhonza ngayo kuqala uma ebuka iQur'an eyambulwa kuMprofethi wokugcina uMuhammad (ukuthula kube kuye).

'Oh nina enikholwayo!Gobani futhi nikhothame(nithinte ngobuso phansi) futhi nihloniphe iNkosi yenu,futhi nenze ubuhle ukuze niqhubekele phambili.' (Qur'an 22:77)


Uyabona ubunye bukaNkulunkulu kunzima ukukuhlukanisa nemvelo yomuntu.

Namhlanje iningi labantu abazitshena ukuthi balandela uJesu, uAbraham, noMose (ukuthula kube kubo) bayilahlile indlela. Bese esimweni samaKrestu abantu badale inkolo entsha ngokuphelele ngoMprofethi uJesu bamenza into angazange asho ukuthi uyiyona.

Manje ngokuthembeka ake uzibuze ukuthi namhlanje ngubani olandela uJesu ngeqiniso? Njengoba kungenzeka ukuthi uyazi, amaMuslim athandaza ngokuzithoba ubuso bawo buthinte emhlabathini ezikhathini ezibalelwa kweziyisihlanu ngelanga.

AmaMuslim alandela inkolo kaJesu,ukholo ayekhuluma ngalo futhi elwenza.Ngkufanayo amaMuslim akhonza uNkulunkulu owayekhonzwa ngu Jesu,ofanayo nowayekhonzwa ngu Abraham,uMose no Muhammad (ukuthula kube kubo).

Okunye futhi amaMuslim ahlale ebingelelana ngesibingelelo sokuthula esithi'Ukuthula kube kuwe',futhi ukwenaba la njengoba uJesu azila izinsuku ezingamashumi amane ehlane amaMuslim azila kuyo yonke inyanga kaRamadaan.

Ekugcineni ake sizithobe sithandaze njengabo bonke abaProfethi, futhi wemukelekile ukuthatha incwadi yethu yomkhuleko la kwi khompyutha.

www.islamic-invitation.com

https://islamic-invitation.com/book_details.php?bID=1290

http://islamic-invitation.com/lang_show.php?lang_name=isiZulu%28Zulu%29&langID=239

 

 

 
All copyrights©2006 Islamic-Invitation.com
See the Copyrights Fatwa